Isilo sisikhahlele ngazo zombili isiphakamiso sokuthi siphucwe umhlaba esiwengamele owu-3 million hectares ufakwe ngaphansi kukahulumeni. Isithombe: SIGCINIWE
IPHALAMENDE likugxekile ukwesabisa ngempi okwenziwa yisizwe samaZulu neSilo saso Inkosi uGoodwill Zwelithini mayelana nezincomo ezithi kumele kuthathwe umhlaba weNgonyama Trust ufakwe ngaphansi kukahulumeni.
Isilo sisikhahlele ngazo zombili isiphakamiso sokuthi siphucwe umhlaba esiwengamele owu-3 million hectares ufakwe ngaphansi kukahulumeni.
NgoLwesibili Isilo sithe impi sesiyiphakile ukuvikela umhlaba.
Sithe labo abazama ukusiphuca umhlaba bazohlangana nemamba iphuza umhluzi.
Imbube ithe amabutho asemi ngomumo aselindele ukuba iphakwe.
Udaba lokuthathwa komhlaba weSilo lushubile kulezi zinsuku ngemuva kokuvela kombiko weKhomishini kalowo owake waba nguMengameli, uMnuz Kgalema Motlanthe, ophakamise ukuthi kumele Ingonyama Trust iqedwe kuthi umhlaba ongaphansi kwayo uthathwe nguhulumeni.
IPhalamende izolo lithe izitatimende ezenziwa emphakathini ezinezinsongo zempi zibonakala ziyimizamo yokuphazamisa iPhalamende ekwenzeni imisebenzi yalo.
“Ukuphawula okwenziwayo mayelana nombiko weKhomishini ngaphambi kokuthi iPhalamende lithathe isinqumo nokuthi udaba luxoxwe kahle yizona zonke izinhlaka ezithintekayo kukhombisa ukuthi kunemizamo yokwesabisa iPhalamende ekwenzeni umsebenzi walo okumthethosisekelo,” kusho isitatimende esithunyelwe yiPhalamende.
IPhalamende lithe kuyishwa ukuthi abeNgonyama Trust basebenzise izindlela zokwesabisa ngalolu daba.
Linxuse abeTrust ukuba bahlanganyele ezingxoxweni zodaba.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe uma umhlaba weNgonyama Trust ungasetshenziswa ngendlela kuzomele ihlakazwe, umhlaba unikezwe abantu

Emoticon Emoticon