IJoyous nomjikelezo wamadoloha amakhulu kuleli

(
LIZOQALA umjikelezo walo wokuhambela amadolobha ahlukene akuleli ekupheleni kwale nyanga iqembu iJoyous Celebration. Namhlanje kuphuma i-albhamu ayalo entsha


UZOQALA ekupheleni kwale nyanga umjikelezo wokuhambela amadolobha ahlukene akuleli kweqembu lomculo wokholo iJoyous Celebration.

Kuzothi ngoMashi 30 nango-Ephreli 1, lizojabulisa abalandeli balo eBig Top Arena, eCarnival City.

Leli qembu lizohambela amadolobha angu-8 kuphela kuleli, lizosebenzisa lolu hambo ukwethula izingoma zalo ezikwi-albhamu yalo entsha yesi-22, ethi, All of You.

Ngemuva kokuqopha iDVD yalo ngoDisemba, eSandton Convention Centre, leli qembu selikhiphe izingoma ezimbili ezikuyo le albhamu entsha ethi, Umoya Kulendawo nethi Modimo Ke Lerato.

Omunye wabasunguli baleli qembu uJabu Hlongwane uthe, i-albhamu yakamuva iwukugubha nokuhlonipha abalandeli baleli qembu e-Afrika nasemhlabeni wonke ababaxhase kusukela beqala.
“Nodumo silunika uNkulunkulu okunguye owenze umsebenzi omningi empumelelweni yeqembu.

Kusuka ekuqaleni leli qembu salenza laba ngelabantu, njengoba isihloko sale DVD entsha sithi All for You sikubonga konke abantu abasenzele khona,”kusho uJabu.

Uthe ngaso sonke isikhathi bahlale becabanga abalandeli babo uma beqopha yingakho kuma-albhamu abo wonke belwela ukuthi bahambe phambili.

“I-albhamu izophuma ngoLwesithathu (namhlanje) futhi izotholakala kuzona zonke izitolo ezihamba phambili zomculo.

Siyanxusa ukuthi abalandeli bethu bayithenge ngokushesha ukuze bakwazi ukufunda izingoma ngaphambi kokuqala uhambo lweqembu,” kuchaza yena.

Amathikithi okubona leli qembu bukhoma aseyatholakala eComputicket ngoR200.


Emoticon Emoticon

Copyright © 2017 JOBURGS365 - Thank . You For . Visting .