EZOTHANDO: Ngishadelwe nginabantwana kodwa ngisawathanda amadoda

(


UMBUZO : Sahlangana ekolishi ngonyaka ka-2000 nonkosikazi wami. Ngangizithandela abantu bobulili obufanayo kwasekolishi futhi wayekwazi lokhu.
Kodwa wathi ngizoshintsha emuva kwesikhathi futhi uzimisele ukungamukela njengoba nginje. Nami ngaqhubeka nokuba naye ngizitshela ukuthi ngizogcina sengiyijwayele le mpilo yokuba nonkosikazi.

Kodwa kuze kube namuhla ngisayithokozela impilo yami nabanye abesilisa kangangokuba ngize ngimshiye endlini ngiyozithokozisa nabo, engazi yena. Inkinga wukuthi sesinabantwana emshadweni manje akulula ukuphuma. Angizimisele ukuzwisa izingane zami ubuhlungu yize noma ngingenayo imizwa ngonina wabo.

Igama ligodliwe

Impendulo :Yingakho sihlale sishumayela njalo ukuthi ukungathembeki nokugodla iqiniso zisuka akukuhle neze. Abukho ubuhlakani ekushadeni nodaba olubucayi kangaka ucabange ukuthi umshado uzolungisa ongene nakho kuwo kungalungile.

Ukuthanda kwakho amanye amadoda yinto okade wayiqala futhi akekho umuntu ongayishintsha leyo nto ngaphandle kwakho. Ukuthi unkosikazi wakho wayazi ukuthi uthanda amanye amadoda ngaphambi komshado akusho lutho.

Kubaluleke kakhulu ukuthi ukhulume naye ngololu daba. Kumele azi ukuthi cha umshado awuzange ukushintshe njengoba benicabanga. Abantwana bakho bakwazi njengobaba othanda umama wabo kuphela. Kungaletha ukudumala okukhulu kubona uma sebethola iqiniso. Kufanele nithole ukwelulekwa ngongoti bezemishado.

Umbuzo : Ngicela ukubuza ukuthi kufanele ngenze njani uma kunje. Nginomuntu esineminyaka eyisishiyagalombili sithandana. Sesize saba nabantwana abathathu. Sengike ngavela kubo ngezinhloso zokucela isihlobo esihle, kwashoda izinto ezincane ukuze ngiqede.

Manje usisi usengenzela izinto engingaziqondi kahle, useze waphindela kubo nabantwana bami. Kunzima ngisho ukubabona abantwana ngoba nami angifuni ukulokhu ngiya kubo. Ngisamthanda kodwa manje angisazi ngempela ngenze njani ukuze abuyele ekhaya nabantwana bami.

Sandile, eMthwalume

Impendulo : Uke wathola kodwa ukuthi yini isizathu esimphindise ekhaya? Phela akulula ukuvele ushiye nje kungonalakanga lutho.

Kubukeka sengathi kukhona okumcasulile. Ake ubheke emuva ukubona ukuthi akukho la ningabonanga ngaso linye khona na. Okunye okubalulekile uma ushiywa ngumuntu omthandayo, ukuba nomhlangano nemindeni yenu yomibili ukuze uthole ngempela ngempela isizathu esenze aze aqome ukuhamba ekhaya. Kusengenzeka ukuthi uvele wakhathala ukulinda into angayazi ukuthi iyoze ilunge nini. Hlalani phansi nilukhulume lolu daba. Kubalulekile ukuhlanganisa nabasekhaya ukuze nithole isisombululo. Ungathola ukuthi imindeni inganivumela nishade bese niqedela amalobolo senishadile.

Umbuzo : Ngingowesilisa oneminyaka engu-30 othandana nowesifazane oneminyaka ewu-25. Nginenkinga yesikhwele. Angifuni ngisho akhulume nabantu besilisa, ngisho ethi uyagoduka ngiyamnqabela ngoba kuvele kube sengathi uya emadodeni. Noma ngibuya emsebenzini engekho ekhaya ngivele ngicabange ukuthi uye kojola. Ngiyasaba manje ngoba ngizogcina ngilinyazwa ngabantu engibasola ngomkami. Nginovalo lokuthi naye angaze angishiye ngoba esekhathele yizinsolo zami.

Igama ligodliwe

Impendulo : Okuhle nokubalulekile wukuthi uyazibona ukuthi unenkinga. Kuwuphawu oluhle kakhulu ngoba kunzima ukuthola usizo uma ungazazi nokuthi unenkinga. Kungenzeka yini ukuthi kukhona okwake kwakwehlela phambilini okwenza ukuthi wenze ngalolu hlobo? Ukuba nesikhwele akuyona into umuntu azalwa nayo.

Esikhathini esiningi senziwa yisimo owake wadlula kusona esenza kube nzima ukuthemba abantu besifazane. Ake uzibheke kancane. Akekho umuntu ongakujabulela ukuhlala nomuntu olokhu emsola ngezinto ezingekho.

Umbuzo: Umyeni wami ukhulelise omunye wesifazane. Sesilukhulume kwanela lolu daba, wavuma ukuthi wenze iphutha. Into esele wukuthi sazise umndeni wethu nabantwana. Ngiyiqalaphi nje indaba enje?

Igama ligodliwe

Impendulo: Okuhle wukuthi nilukhulumile naye umnikazi wendaba walivuma icala. Okubalulekile njengamanje wukuthi umxolele ukuze nikwazi ukuludlulisa niqhubeke nempilo noma kubuhlungu okwenzekile. Kubalulekile futhi ukuthi nobabili nithole ukwelulekwa ngalesi simo enidlula kusona ukuze nobabili nibe mqondo munye nixolelene. Khohlwani kancane abanye abaseceleni.Uma nina nobabili senisesimeni esihle seningahlala phansi nemindeni niyazise ngodaba. Nibatshele nokuthi senizinike isikhathi esanele ukubhekana nalo.


Emoticon Emoticon

Copyright © 2017 JOBURGS365 - Thank . You For . Visting .