Usewumfundisi owayekuKhozi

(

WAYEVELE enalo ubizo uMfundisi Bongi Gumbi-Magudulela owayengumsakazi woKhozi FM, osephethe ibandla i-Africa for Jesus Ministries ISITHOMBE:SITHUNYELWE

USEWUMFUNDISI olekelela nabanye kwezikamoya owayengumsakazi woKhozi FM, osungule nenhlangano yomama yokuthandaza.

UMfundisi Bongi Gumbi-Magudulela (47) osengumholi we-Africa for Jesus Ministries eGauteng, uthe wayevele enalo ubizo ngisho esewumsakazi. Wayaziwa ngezwi elimtoti ezinhlelweni zasemini. Washiya kulo msakazo ngo-2009 eselekelela ukudidiyela izinhlelo. Utshele Isolezwe ukuthi ngesikhathi eshiya uKhozi waya kwiRadio 2000 ukuyokwengamela izinhlelo zeNdebe yoMhlaba yebhola, eyayizosingathwa kuleli.

“Bengivele ngisebenza ebandleni engangikulona, ngilekelela ezinhlelweni eziningi. Kuthe uma kudlula indebe yomhlaba ngabona sengathi akukho okunye okukhulu okusengenzeka kimina, ngabona kuyisikhathi sokufuna amadlelo amasha.

Ngashiya kwaSABC ngo-2012 sengithole inkontileka yokusebenza neTelkom, okwakuyindlela yokungena ebhizinisini,’’ kuchaza uMfu Gumbi-Magudulela.

Yize akujabulela ukungena kwezamabhizinisi, ubelokhu enesikhala esingavaleki enhlizweni yakhe. Kwale noma esontweni sebevule iMedia Desk befaka izinhlelo zokholo eziteshini zethelevishini, uthi asivalekanga isikhala.

Ngo-2014 wabhalisela ukufundela ubufundisi waqeda ngo-2015 wagcotshwa.

Ngesikhathi eqeda ukufunda uthe abanye ayefunda nabo bavula amabandla kodwa yena waqhubeka kuleli abesonta kulona.

“Ngonyaka odlule uNkulunkulu ungambulele ukuthi sengikhule ngokwanele ukuzimela. Ngijwayele ukuyothandaza entabeni, uNkulunkulu okuyilapho angivezela khona okuningi. Ibandla lami lehlukile ngoba nginikwe umbono wokukhulisa ngokomoya abaphuma emaBible College nabafuna ukuqala amabandla.

Ebandleni lami angibavimbeli abantu ukuthi bakhule kodwa asebekhule ngokwanele ngiyabakhulula bayovula amabandla.

Abanye abaholi bayaye bafune kugcwale ibandla ukuze kwande nomnikelo kodwa angibizelwanga kuleyo nkonzo,” kusho uMfu Gumbi-Magudulela.

Enaba ngombono webandla, uthe wambulelwa ukuthi abantu baqala amabandla bengakakhuli kahle yingakho ebasiza ukubacathulisa.

Uthole nokuthi emabandleni abamnyama kugxilwa kakhulu kwezikamoya, kunganakwa ukulawulwa kwebandla nezezimali.

Uthe lokhu kwenza abanye baphume emabandleni ngoba bekhaliswa wukuthi bayanikela kodwa imali abayiboni ukuthi ishonaphi.

“Esikhathini samanje abantu banikela emabandleni ngoba besatshiswa ngokuthi bazoqalekiswa. Ngikholelwa ukuthi ukunikela kusuka kumuntu. Ebandleni lami angizithinti izimali. Ngisho amabhuku omnikelo angihlangani nawo. Okwami wukukhulekela ibandla nokushumayela.”

UMfu Gumbi-Magudulela uthe ukuba ngumfundisi akuyishintshile inkonzo yokuba ngumama ekhaya njengoba umyeni wakhe engabiziwe.

Ngo-2016 wasungula iWoman in Prayer for Our Nation lapho kuhlangana abesifazane bamabandla ahlukene bakhuleke.

Ubuye asebenze nesiteshi samakholwa iTBN Africa. Ngaphandle kobufundisi ungumlimi njengoba enepulazi lommbila nobhontshisi.


Emoticon Emoticon

Copyright © 2017 JOBURGS365 - Thank . You For . Visting .