Uyashiya umlingisi weScandal

(

                UKAGISO Modupe olingisa emdlalweni iScandal omemezele izindaba zokushiya kulo mdlalo


UMLINGISI womdlalo iScandal, uKagiso Modupe obelingisa indawo kaMangi, usenxuse abantu bakuleli ukuthi baqhubeke nokumxhasa njengoba eseshiya emdlalweni ngemuva kweminyaka engu-13 elingisa kuwona.
UKagiso ubhale enkundleni yokuxhumana i-Instagram ebonga abantu bakuleli nabaphathi bakhe kulo mdlalo ngokumnika ithuba lokuba kulo mdlalo kusukela uqala.

“Ngiyathemba ukuthi la ngizobonakala khona abantu bazokuthanda engizobe ngikwenza njengoba ngizobonakala kuyo indima yobumnandi. Ngibonga abakwa-e.tv, Ochre Media nabo bonke ozakwethu kwiScandal ngothando abalukhombisile,” kusho uKagiso.

Uthe kulo mdlalo ubeseqophe iziqephu ezingu-3000 okwenze abone kungcono ukuthi ashiye phansi.

“Ngifuna ukubonakala kwezinye izinto ezehlukile kunokulingisa. Kusukela ngesonto elizayo kuzoqala iziqephu zokugcina engizobonakala kuzona. Kuzobe kuyindlela yokuvalelisa kubalandeli bami,” kuchaza uKagiso.

UMichael Pocock wakwa-e.tv ukuqinisekisile ukushiya kukaKagiso emdlalweni.

“Uzogcina ukubonakala kulo mdlalo ngoMeyi 11. Siyabonga ngokuzinikela kwakhe emdlalweni njengoba selokhu aqala kuwo ngo-2005, ufika kwithelevishini. Siyi-e.tv nalo mdlalo, sithanda ukubonga le nsizwa ngokuzinikela kwayo futhi siyfisela konke okuhle ezintweni ezoziqala njengoba ingumuntu onethalente eliyisimanga,” kuchaza uMichael.


Emoticon Emoticon

Copyright © 2017 JOBURGS365 - Thank . You For . Visting .