Owaduma kwiTsotsi uthembisa lukhulu oluza neThe River

(

        UMLINGISI weThe River uPresley Chweneyagae osethembise ababukeli balo mdlalo into yamehlo nathi kuningi           abazokufunda kuwoIsithombe: SITHUNYELWE

ININGI labantu kulezi zinsuku lichazekile ngokwenzeka emdlalweni oqale ekupheleni kukaJanuwari, iThe River ekhonjiswa kuDStv, 1Magic (Channel 103).
Lo mdlalo obophele izinkakha zabalingisi asebezakhele udumo kuleli, ufike ngegiya eliphezulu futhi ngendlela oheha ngayo kuba buhlungu uma usuwujwayele ukudlulwa yisiqephu esisodwa sawo.

Lo mdlalo ukhuluma ngemindeni emibili, ophila impilo ephakeme nomunye ohlwempu.

Ukubona abalingisi abafana noPresley Chweneyagae (34), kuwo kujabulise abantu abaningi.

Le nsizwa ike yanyamalala iminyaka endimeni yokulingisa ngemuva kokuduma efilimini ethi Tsotsi, yase ibonakala kancane emdlalweni iNumber Number ngo-2013.
Lokhu kungenze nami ngafuna ukukhuluma nale nsizwa yaseNorth West, ekhulele elokishini iMafikeng.

UPresley uthe ukhuliswe ngunina, nokuthe esekhulile wayohlala ePitoli lapho eqede khona isikole ngo-2003, eFounders Community School.

“Ngikujabulelile ukuthola indawo kaCobra engiyilingisa emdlalweni iThe River.

“Ukuba semdlalweni ofana nalona kube nezingqinamba ngesikhathi siqala kuwo njengoba sitshelwe ukuthi sizosebenza kanzima futhi isikhathi eside njengoba ungeyona i-drama, uyiTelenovela.

“Bekungokokuqala ukuba semdlalweni ofana nalona njengoba mina ngijwayele amafilimu nama-drama,” kuchaza uPresley.

Uthe uCobra okuyindawo ayilingisayo ngumfana ofuna ukuguqula impilo yakubo njengoba bedonsa kanzima ezimalini.

“Ubunzima besimo esisemndenini kubo kaCobra kuyamphoqa ukuthi angene ebugebengwini futhi uma kukhona okwenzekayo emphakathini uhlale esolwa ngobugebengu njengoba esanda kuphuma ejele.

“Ukushona kukayise kwenze izinto zaba nzima kodwa kukho konke ufuna ubulungiswa ngokushona kukayise uThato,” kuchaza yena.

Uthe indawo ayilingisayo uyithandile njengoba ikhuluma ngezinto ezenzekayo emiphakathini esiphila kuyo.

“Luselude ukhalo kulo mdlalo, imidlalo efana nalena uke ufise sengathi ingabukwa yiwona wonke umuntu kuleli kodwa kukhona abangakwazi ukufinyelela kulesi siteshi ngenxa yokungakwazi ukusikhokhela. Kodwa abanenhlanhla yokusibuka ngiyabathembisa basazosala bemangele futhi bazofunda okuningi ngempilo,” kuchaza yena.

Uthe ngemuva kokulingisa emdlalweni iTsotsi, wakhetha ukugxila emidlalweni yasesiteji.

“Ukulingisa esiteji kwaba yinto engiyithandayo njengoba ngaqala ngineminyaka engu-13. Izinto ezenzeka ngemuva kokulingisa kwiTsotsi nami zangithusa njengoba umuntu wayesebizwa zonke izindawo ngisho phesheya kwezilwandle. Sathola ukuhlonishwa ngezindondo emicimbini emikhulu nemincane okuyinto efiswa yinoma imuphi umlingisi,” kuchaza yena.

Uthe wake wanikwa ithuba lokuthi ayohlala emazweni ahlukene phesheya kwezilwandle kodwa wenqaba.

“Uma ulingisa phesheya bangakuthanda besakubukela kude kodwa uma ufika khona ungazenzi lezi zinto abazifunayo bakulaxaze kanjalo. Ngangingafuni ukuzithola sengingenandawo yokuhlala ngenxa yokuthi angisebenzi futhi ngikude nekhaya. Kunalokho ngakhetha ukuvula isikhungo engasiqamba ngegama lami (Presley Chweneyagae Foundation) esisiza intsha efuna ukuthuthuka ekulingiseni esangisiza kakhulu ngathola intsha esengihambe nayo emazweni ahlukene phesheya sifundiswa izinto eziningi,” kuchaza yena.

Uthe okunye okuthele izithelo ezinhle ngokuthuthukisa intsha esikhungweni sakhe ukuthi baqophe umdlalo wasesiteji othi Taken Back The Future, othokozelwe yizihambeli ezehlukene emcimbini, iGrahamstown Film Festival ngonyaka odlule.

“Angizisoli ngendlela izinto ezingihambele ngayo emkhakheni wokulingisa. Ngaphandle kokubonakala kwiThe River, akukho okunye engikwenzayo ngaphandle kokulingisa esiteji,” kuchaza yena.

UPresley uveze ukuthi useyindoda eshadelwe enamadodana amabili.

Uthe uma engasebenzi uchitha isikhathi nomndeni wakhe aphinde avakashele unina eNorth West.

Kubo uthe bane njengoba kukhona udadewabo omdala nabafowabo ababili abancane.

Uthe uyazifela ngebhodwe, uphekela umndeni wakhe noma yini ayithandile ngalelo langa.

Ukushaywa kweChiefs yiPirates ngempelasonto uthe kumphathe kabi ngoba uyazifela ngabafana basePhefeni. Emculweni uthe uzithandela umaskandi nomculo wakudala owaziwa nge-classic.


Emoticon Emoticon

Copyright © 2017 JOBURGS365 - Thank . You For . Visting .