Uhlehlise ukukhishwa kwe-albhamu entsha ngenxa yokulandelwa ngamashwa

(

UMJIKIJELWA Ngubane uhlehlise ukukhipha i-albhamu entsha ngenxa yokuvelelwa wumshophi

UKULANDELWA ngamashwa kwesihlabani somculo kamaskandi, uMjikijelwa ‘Ichalaha LikaShafuza’ Ngubane kuphazamise ukukhishwa kweCD yakhe entsha.

UMjikijelwa uthe ukushonelwa yingane eneminyaka emine nokushayiswa kwenye imoto kumphazamisile emoyeni. Echaza uthe, kuqale ngokuthi indodakazi yakhe uThembah (12) ashayiswe yimoto ephuma esikoleni saseDalton, iCool Air Secondary.

“Lo mntwana wayeqa umgwaqo kanti kuzoqhamuka imoto imshayise, walimala esandleni nasemlenzeni.

“Ngokusho kwabantu abangithinta wayelimele kakhulu futhi equlekile. Nami ngangizitshela ukuthi ngizofika engasekho emhlabeni ngendlela ababesho ngayo kanti uzobuye asinde,” kusho uMjikijelwa.

Echaza ngengane yakhe eshonile, uMjikijelwa uthe wathola ucingo luvela kunina, emtshela ukuthi seyishonile kade igula.
“Okubuhlungu abangitshelanga isagula kodwa bangitshela ngoba seyishonile. Ngaphuthuma lapho bebehlala khona ehostela laseBuyafuthi eGoli ngathola ukuthi sebehlala elokishini.

“Ngathi ngibashayela ucingo baziziba izingcingo zami. Ngathumelela unina wengane umyalezo wokuthi kungani bengasatholakali, wathi angidingakali emngcwabeni.

“Njengamanje angazi kwenzekani noma le ngane ishone ngempela noma badlala ngami,” kusho uMjikijelwa.

Uthe uyile kokuzwa kwababonayo bamtshela ukuthi kube yini imbangela.

Uthe iCD yakhe bekufanele iphume ngePhasika kodwa seyizoze iphume ngo-Ephreli 21 ngenxa yokuthi uphuzile ukuya estudiyo.

“Ngiqale namhlanje (esho ngoLwesithathu) estudiyo ngenxa yokuthi ngisaphatheke kabi. Bengingafuni ukukhiphela abantu umsebenzi ongekho ezingeni ngenxa yokuthi angiphathekile kahle,” kusho uMjikjelwa ongomunye wabaculi bakamaskandi asebemnkantshubomvu futhi abayizintandokazi.

Unamaqembu amathathu okunguMjikijelwa, Amangcukumane, Omenzelwa, neChalaha LikaShafuza futhi udume kakhulu ngenoni elithi Bafikelwe, 20 Years Ago nethi Lalilihle Ihhashi Lakho.

Usebuya nase-Amsterdam eNetherlands neqembu lakhe Ondabuzekwayo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukanina wengane ayiphumelelanga.


Emoticon Emoticon

Copyright © 2017 JOBURGS365 - Thank . You For . Visting .