Ukhule ekhonza kwelaseZayoni uDJ Sgqemeza

(

                                           USIPHO “Sqemeza” Mbatha

KULELI sonto sikuphathele insizwa yomsakazo Ukhozi FM, uSipho “Sgqemeza” Mbatha.
THOKOZANI MBUNDA (TM): Uzwakala ukhuluma ngoNkulunkulu emicimbini eminingi oyihambelayo, ngabe ungumfundisi yini?

SIPHO MBATHA (SM): Ngiyilungu lebandla elisetshenziswa kuyo yonke indawo, hhayi ngoba ngiwumfundisi.
TM: Ngabe uyilungu laliphi ibandla?

SM: Ngiyilungu lebandla labasindisiwe iPentecostal Holliness Church Olundi.

TM: Uwena wedwa emndenini osindisiwe nokuleli bandla noma umndeni wonke?

SM: Umndeni wami wonke ulapho, kodwa owakithi ukwezinye izinkonzo nezindlela zokukholwa kwethu azifani.

TM: Wakhulela khona kuleli bandla okulona manje noma wahlubuka kwelinye?

SM: Ngakhula ngikhonza eZayoni, nginesithunywa, kuthe ngokuhamba kwesikhathi ngashunyayezwa ngendlela engayizwa ingasafani nendlela engakhuliswa ngayo ngase ngithatha inkolo yabasindisiwe.

TM: Pho usithola nini isikhathi sokusonta njalo njengabo bonke abasindisiwe ngoba ubukeka uhlale umatasa?

SM: Ngisho kungathiwa ngimatasa kanjani kodwa ngiyaqikekela ukuthi angibi matasa ngesikhathi soMdali, ngoba naye akaze aba matasa ngesami. Ngimthola njalo eseduze kwami uma ngimbiza.

TM: Usuku lwakho luqala kanjani?

SM: Usuku lwami luqala futhi luphetha ngoMdali ngaso sonke isikhathi. Into eyenza ngisho njalo wukuthi ngithandaza uma ngivuka ngiphinde sengilala. Izinkinga zosuku usuke esezazi azihlele ngeyakhe indlela bengakazi abanye abantu.

TM: Abaseduze nawe bayazi ukuthi uyakholwa?

SM: Le nto yenkolo angigcini ngokuyikhuluma, ngiyayiphila ngakho abaseduze nami bayayibona futhi bayayazi.

TM: Uma ungahlangabezana nezinkinga ezingakususa eduze nomndeni wakho nakubantu abakwaziyo ungaqhubeka ukhonze uMdali?

SM: Ezinkingeni engibhekana nazo yila ngithola khona ukushisekela uMdali ngoba ngiyazi konke kusebenzelana kube okuhle.

TM: Yiliphi ivesi elikubusisayo eBhayibhelini?

SM: Ngiwasebenzisa wonke. Kuya nangokuthi ngibhekene nani ngaleso sikhathi. Ngivuselelwa eliqondene naleso simo.


Emoticon Emoticon

Copyright © 2017 JOBURGS365 - Thank . You For . Visting .