I-EFF ifuna kubhekwe ukudla okudayiselwa abafundi ezikoleni ngenxa yeListeriosis

(
Johannesburg – I-Economic Freedom Fighters (EFF) inxuse uMnyango weMfundo eyisiSekelo ukuba uqinisekise ukuthi ukudla okudayiselwa abafundi akunazo izithako ezifana nopholoni, ngemuva kokumenyezelwa kokuthi ungumsuka wesifo i-listeriosis.


UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi ngeSonto uthe kutholakale ukuthi lesi sifo sisuka efemeni yakwa-Enterprise esePolokwane, ekhiqiza imikhiqizo efana nopholoni.

"Sinxusa nokuba izigungu ezengamele izikole kanye namalungu emikhandlu emele abafundi ukuba bafake izindlela eziqinile zokulawula izinto ezidayiselwa abafundi emagcekeni esikole nasezitolo eziseduzane,” kusho okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi.

OLUNYE UDABA: Usutholakele umsuka wesifo i-Listeriosis

UNdlozi uthe kumele kusolwe i-Enterprise Food neRainbow Chicken ngemuva kokuba uMotsoaledi ethe lesi sifo siqubuke kulezi zinkampani.

"Kuzomele baphendule ngokubhebhethekisa isifo nangokubulala abantu,” kusho uNdlozi.

Lesi sifo sesibulale abantu ababalelwa kwabangu-180 eNingizimu Afrika selokhu siqubuke ngonyaka ophelile.


Emoticon Emoticon

Copyright © 2017 JOBURGS365 - Thank . You For . Visting .